Okay my name is Nokwanda. Ngesikhathi ngibeletha ingane yami yokuqala kwakunzima cause ngangingenamuntu ongilekelelayo, ngangizihlalela emqashweni. So ngakhetha ukuthi kungcono ngibuyele ekhaya so umama ezokwazi ukungisiza ngoba ngangingazi lutho ngendaba yengane, ngangina-19 years.
Ngabuyela ekhaya umama wangikhombisa ukuthi ingane yenziwa kanjani, igqokiswa kanjani, yonke into nje. Kwawuyena ongisizayo ngokuthengela izingubo zengane, nokudla kwengane ngoba ngangingasebenzi. So uyena owayengisiza ngakho konke kuze kube manje, ngaze ngathola umsebenzi. Kwakunzima kakhulu hhayi kancane.
Read Nokwanda’s story in English here