Umuntu obengi-supporter kakhulu kulolu hambo lokuba umzali, umyeni wami. Umyeni wami unginikeze i-support enkulu ngalendlela eyisimanga, ngalendlela yokuthi bekuthi uma engabe umntwana, owokuqala wethu, sinontwana wokuqala owuKhwezi, uma engabe kuwukuthi, esana-3 months, uma engabe ekhala, besithatha, ubevuka, afike amu-check, amufide, amushintshe bese eyahamba eyalala, bese kuyi-turn yami angivuse, nami ngifike ngimu-check umntwana, ngimufide uh.
Uma engabe, besinenkinga yokuthi, uma engabe sihlushwa o-nanny, kufike lo, kufike lo, kufike lo, ngesikhathi engekho lomunye sisalinde nomunye, yena ubelova emsebenzini, ahlale nabantwana, ahlale nomntwana amugade, ngimfice usemgezile, usemfidile umntwana usuthi, kade bedlala emini naye. Ngalendlela yokuthi uthola ukuthi i-bond phakathi kwabo naye isiyakhula kakhulu. Ngisho noma ngabe siyahamba siya ezinkonzweni, uyangilekelela ekuphatheni umntwana, uyamphatha umntwana, sishintshisane ngaye endleleni.
So, ube wusizo olukhulu ngalendlela eyisimanga umyeni wami.
Read Nomvula’s story in English here