Into eyenza ukuthi uma ungumzali, ukuthi ube lonely sometimes, ukuthi ube wedwa njengokuthi uma ungenawo umndeni.
Mina ngingumama ongenawo umndeni, ngihlala ngedwa ekhaya, so-nje ngibuye ngikudinge nami ukuthi ngikwazi ukukhuluma nomuntu, mhlawumbe ingane yami ingabe igula, ngisuke ngi-lonely anginaye umuntu engizombuza ukuthi ngenzenjani manje. Nje, ziningi izinto ezingenza ukuthi ngibe lonely njengokuthi ngike ngachaza ukuthi mina nobaba womntwanami sesihlukene, so nje ukuba umzali, ngifila lonely ngaleso sikhathi ngoba kahle kahle akekho anginayo i-support.
Esikhathini esiningi imina kuphela engizimelayo, imina engizithathela izinqumo, yimina okumele ngizicabangele futhi ukuthi ingane yami ukuze ibe right kufanele ngenze njani, yimina engiphumayo ngakho konke enginakho ngizamela umntwana wami, so ngaso sonke isikhathi ngihlezi ngi-lonely ngoba anginayo i-support eningi.
Read Zandile’s story in English here