Skip links

Letters to the NICU: From Lethiwe

Nginawe sis wami. Ngilinda nawe. Sizofika isikhathi lapho uzosibeka esifubeni isipho sakho usibheke emehlweni uze ukhumbule amaphupho wakho.  Ngiyazibona izinyembezi zakho ngakho ngikuthumela uthando lwami nomkhuleko wendunduzo.  Kulungile uma uzizwa sengathi uphelelwa ngamandla, uJehova ungumelusi wakho nesiphephelo sakho. Khumbula ukuthi konke kuyadlula ngisho nemibuzo kanye nobuhlungu ehlizweni yakho.

Nginawe sisi wami.

 

Photo by Eye for Ebony on Unsplash