Skip links

Letters to the NICU: From Sinikiwe

Sawubona mama wosana olusha,

 

Ngibhala lencwadi ngenkulu intokozo nemfudumalo enhliziyweni yami.

 

Okokuqala nje, ngifisa ukukuhalalisela ngokuthwala lolosana esibelethweni sakho, nangokululetha emhlabeni. Wenze umsebenzi omkhulu futhi oncomekayo. Siyakubongela ntombi!

 

Ukuba nosana olusha kuletha imizwa ehlukahlukene. Kwesinye isikhathi uzizwa unovalo nokwethuka, kwesinye isikhathi ube nenjabulo, kwesinye isikhathi ube nemibuzo eminingi eminye engenazimpendulo, kwesinye isikhathi kube nentukuthelo ngaphakathi kuwe. Ngibhala lencwadi ukukwazisa ukuthi kuyona yonke lemizwa, awukho ongafanele, futhi akukwenzi umuntu omubi ukuba nayo.

 

Anginalo ulwazi oluningi ngabantwana abazalwe ngaphambi kwesikhathi, kodwa ngike ngizwe kuthiwa badinga ukunakekelwa okuthe xaxa. Kwasengathi kungakhona abakwesekayo ngalesi sikhathi engicabanga ukuthi asilula neze kuwe. Kwasengathi abahlengikazi bangaba nesineke kuwe, bakunike konke ukwesekwa nokwelulekwa okufanele. Kwasengathi nalabo osondelene bangakunikeza uthando nemfudumalo.

 

Nginifisela impilo enhle ninomuntuza wakho.

 

Photo by Hian Oliveira on Unsplash